Articles on political party manifestos coming soon in IsiZulu and English. Yazi ngaphambi kokuba uvote!
Uma ucabanga ekukhuleni kwakho, kukangaki uzwa amazwi athi "emshadweni kuyabekezelwa" ? Uma wake wawezwa, ayesuke eqondiswe kubani? Kowesilisa? Noma kowesifazane?
Yinto esuka kudala ukuthi abantu besifazane bahlukumezeke noma baphathwe ngendlela ehlukile kunabantu besilisa. Imithetho ekumele bayilandele kusuka ekuziphatheni kwabo, ekugqokeni, imisebenzi ekumele bayenze, kanye nokunye, kuyagadwa. Lokhu kubizwa ngokuthi i patriarchy , laplapho khona isimo sokuphila sivuna futhi seseka abantu besilisa kepha sicindezela abesifazane.
Ukuhlukumezeka kwabantu besifazane ekhaya noma emshadweni kubi ngoba abasifazane babaluleke ngokufana nabantu besilisa futhi indima abayidlala ekhaya inkulu. Ukuhlukumezeka kwabo akugcini ngabo kuphela, kepha kuwela nasezinganeni ekhaya. Ayikho ingane efisa ukubuka umama wayo ekhala noma abazali bayo bexabana, ngakho ukubhekana nalesimo ngazo zonke izinsuku kuyishiya ihlukumezekile okugcina kuba nomthelela omubi ekukhuleni kwayo. Yize ingane kungasiyo yona esuke ishaywa noma ikhulunyiswa kabi, kodwa ithola ukuhlukumezeka kwesibili, i secondary trauma. Ukuhlukumezeka kwesibili yilapho umuntu ezithola ehlukumezekile ngokwengqondo noma ngezinye izindlela ngenxa yesimo esibhekene nomuntu osondelene naye. Isibonelo salokhu wukuthi ingane ihlukumezeke ngokomqondo ngoba ngoba umama wayo eshaywa ubaba. Lokhu kufana nokuthi uzithole sewugula emzimbeni ngenxa yokuthi kukhona umuntu obhemayo ohlala ngakho uhlezi uhogela intuthu yokubhema kwakhe.
Incwadi i Ukube Washo... ebhalwe nguPheliswa Msele ikhuluma mayelana naso isimo sokuhlukumezeka kwabantu besifazane kanye nokuhlukumezeka kwesibili okuwela ezinganeni.
Kulencwadi, uMbalenhle ubuka umama wakhe ehlukumezeka ezandleni zomyeni wakhe, onguyise kaMbalenhle. Lesimo asibuka ekhaya phakathi kwabazali bakhe siyamhlukumeza ngokwengqondo size sishintshe indlela abuka ngayo abantu besilisa. Phezu kwayo yonke imizwa ayizwayo uMbalenhle, kumele afihle azame ukuvikela nokwenza isiqiniseko sokuthi udadewabo omncane akasiboni lesimo esenzeka kubo.