Articles on political party manifestos coming soon in IsiZulu and English. Yazi ngaphambi kokuba uvote!
Ishicilelwe mhlaka 15 KuNhlangulana 2026
Isazi sefilosofi u John Mbiti uchaza isikhathi sama Afrika njengesikhathi esingezona izibalo noma izinamba. Ngokwama Afrika, isikhathi asibalwa ngamawashi nezibalo, kodwa sibalwa ngemizwa nangezinto ezenzakalayo abazizwayo. Kumama okhulelwe, izinyanga zibaluleke ngenxa yokukhulelwa, akusiko ukukhulelwa okubaluleke ngenxa yokuhamba kwezinyanga. Lokhu kuyaphikisana nesilungu la izinyanga zibalulekile ngisho kuthiwa akukho zenzo ezenzakalayo abazizwayo, futhi izinyanga ziyaqhubeka zidlule noma kunjalo.
Isikhathi kuma-Afrika sihlukene kabili, okuyinkathi edlule nenkathi yamanje. Inkathi edlule yingxenye la yonke into egcina khona ingabe isadlulela phambili. Yila zonke izinto ezake zenzeka ziqoqeka khona. Lesikhathi sibaluleke kakhulu kuma-Afrika ngoba amadlozi, uNkulunkulu,kanye nezenzo esezindlulile zihlala khona. Ngakho uma ama-Afrika eqhuba izimpilo zawo, aphilela ekutheni akwazi ukubuka imuva nenkathi edlule azigqaje aneliseke. Empeleni, inkathi edlule ibuye ibaluleke ukudlula inkathi yamanje.
"Okungakenzeki akusona isenzo ngako akukwazi ukubalwa njengesikhathi"
Ama-Afrika akholelwa ekutheni into iba yisikhathi uma yenzeka manje noma izokwenzeka maduze, ngako ikusasa awalibuki njengesikhathi. Ikusasa awukwazi ukulizwa, ngako kwenza lingabaluleki. Okubalulekile yizinto ezenzekile, ezenzakalayo kanye nezizokwenzeka maduze.
Ngakho uma um'Afrika efika emva kwesikhathi, akukona ukuthi akanandaba nesikhathi, ukuthi isikhathi sibaluleke ngalendlela yokuthi kumele akuzwe konke okwenzeka esikhathini, loko okugcina sekumenza angasigcini isikhathi.
Lencazelo kaJohn Mbiti isifundisa ukuthi sinake okwenzeka manje ngoba isikhathi siyimizwa futhi ukwazi ukuzwa izinto ezenzeka manje noma ezizokwenzeka maduze. Ngaleyondlela uyakwazi ukubuka emuva kwizinto esezenzekile inhliziyo igcwale ukweneliseka.
Ongakufunda:
Imafidon, E. et al. (2023). Handbook of African Philosophy.