Articles on political party manifestos coming soon in IsiZulu and English. Yazi ngaphambi kokuba uvote!
Inganekwane Yase-Kenya
Indaba ka-Luanda Magere enye yezinganekwane ezixoxwa yisizwe sama-Luo ezweni i-Kenya. Yize ekuxoxweni kwayo ihlukahlukene kaningi, ingqikithi eyodwa imile: indoda eyayingenakunqotshwa. Abanye bakholelwa ukuthi le ndaba iyona sizathu sokuthi imishado phakathi kwabantu besizwe sama-Luo nabesizwe sama-Kipsigis iyivela kancane.
U-Luanda Magere wazalwa ngonyaka u-1720, kubazali u-Abonyo Wuod Omolo no-Nyabera. Unina washona eteta, ngakho u-Luanda wakhuliswa ngugogo wakhe, u-Rapondi. Ngesikhathi u-Luanda eqala engena ebunsizweni, ubaba wakhe wabulawa kwezinye zezimpi phakathi kwesizwe sama-Luo nezitha zabo, isizwe sama-Nandi.
U-Luanda wakhula waba yindoda enamandla kakhulu, abadala bama-Luo baze bamthemba ekutheni ajuqule aqede izitha zabo ezimpini. Wayelwa ngobuchule, ebulala izitha zakhe kalula. Lokhu kwakwenzeka ngenxa yesizathu esisodwa vo. U-Luanda wayengafani namanye amadoda. Wayenamandla okungewona awalomhlaba. Umzimba wakhe wawakhwe ngamatshe, ungakhiwe ngenyama. Imikhonto yayizigxumela emzimbeni wakhe kunokuba imigwaze, lokho kwenza ukuthi enganqotshwa. Noma bezama kanjani abakwa-Nandi, kepha ayikho into eyayinqoba u-Luanda. Kunalokho, yibo ababegcina bebaleka uma sebebona izidumbu zamabutho abo esegcwele phansi, ebulawe abesizwe sama-Luo belekelelwa wuye u-Luanda.
Bathi lapho sebekhatheke ukunqotshwa wu-Luanda ngaso sonke isikhathi, abakwa-Nandi bahlala phansi nabadala bacabanga icebo lokubulala u-Luanda. Beza neqhinga lokuthi bazomnika oyedwa wabesifazane wabo ukuthi amenze unkosikazi, bayibeka sengathi indlela yabo yokwenza uxolo. Empeleni, babenika u-Luanda unkosikazi ukuze lowesifazane azothola ubuthakathaka buka-Luanda, bese abakwa-Nandi bayamhlasela bambulale. Abadala bakwa-Luo bazama ukweluleka u-Luanda ngokushada owesifazane wakwa-Luo, kepha kwanhlanga zimuka nomoya, icebo lama-Luo laqala lafufusa.
Kwadlula isikhathi eside owesifazane wesizwe sama-Nandi elinde uphawu olukhombisa ubuthakathaka buka-Luanda, kepha lutho. Kwathi lapho eselahla ithawula, umyeni wakhe wagula. Unkosikazi wokuqala okwakunguye owayenakekela u-Luanda mayegula wayengekho, u-Luanda esele nalo ophuma esizweni sama-Nandi. U-Luanda watshela unkosikazi wakhe ukuthi akasike kancane isithunzi sakhe ukuze ezofaka amakhambi. Unkosikazi wenza njalo, wamangala lapho ebona isithunzi sopha. Lobobusuku, wanyonyoba wabaleka waya esizweni sabantu bakhe eyobatshela mayelana nakutholile. Iqiniso elalidale ukufa kwamasotsha amaningi akwa-Nandi kanye nokunqotshwa lase lihleli obala: isizathu samandla nokunganqotshwa kuka-Luanda sasilele esithunzini sakhe.
Abakwa-Nandi abapholisanga maseko, bahlasela. Abakwa-Luo balwa ngokukhulu ukuzinikela, no-Luanda wabulala amaningi amabutho akwa-Nandi. Ngebhadi ke, abakwa-Nandi babephethe isikhali esasizoba wukuphela kwesizwe sama-Luo: ulwazi. Elilodwa isotsha lakwa-Nandi lavele laphosa umkhonto owaqonda ngqo enhliziyweni ya-Luanda, wawa. Kwathi lapho ekhala amabutho akwa-Nandi no-Luanda esho amagama akhe okugcina, isiqalekiso emishadweni ephakathi kwesizwe sama-Luo nesama Piksigis, umzimba wakhe waqala washintsha waba yitshe, itshe elalizoba yingxenye ebalulekile yomlando.
Kuze kube namhlanje, bancane kakhulu abantu abasiphulayo isiqalekiso sika-Luanda. Indawo la kukhona amatshe omzimba wakhe, iyindawo ebalulekile yomlando ezweni i-Kenya. Okubaluleke kakhulu, indaba yakhe idluliselwa ezizukulwaneni njengendaba yokuxwayisa.
Njengezinye izinganekwane, indaba ka-Luanda inezingxenye eziningi. Abesizwe sama-Nandi nabesizwe sama-Lang'o babuye basetshenziswe ngokuxubana kwinganekwane Kwenye yezingxenye, u-Luanda akaguli, kepha uyaphahluka asho imfihlo yakhe ephuze amanzi amponjwana phambi kwankosikazi wakhe.
Izinkomba:
Luanda Magere. Wikipedia, Wikimedia Foundation, 7 June 2024.
Nzuki, P., Traditional tales, journals.co.za/doi/abs/10.10520/AJA02578301_20