Articles on political party manifestos coming soon in IsiZulu and English. Yazi ngaphambi kokuba uvote!
Pheliswa Msele
Ukonga imali kufana nokuqoqa ugcine isithelo, ukutshala imali kufana nokutshala imbewu ukuze ikhule ibe yisihlahla.
Uma ucabanga, isithelo lesi osigcinayo siyohlala isikhathi esingakanani? Kuzofika isikhathi la ulamba khona usidle, kodwa uma utshala imbewu yaso, siyakhula sibe yisihlala esiletha izithelo eziningi.
Yilowo umehluko phakathi kokonga nokutshala imali.
Uma wonga imali, usuke uyibeka eceleni ukuze uzoyisebenzisa mhla wayidinga noma makuqhamuka isimo esiphuthumayo. Imali oyongayo kulula ukuthi uyithole uyisebenzise futhi buncane kakhulu ubungozi bokuthi ikulahlekele. Le mali ungayigcina ebhange noma uyibeke endlini iwukheshi.
Ukutshala imali ukuyibeka la ikhula khona ngokuhamba kwesikhathi. Uma utshala imali, usuke uyitshalela ukuthi wakhe umcebo noma ukwazi ukuyisebenzisa eminyakeni eminingi ezayo. Imali etshaliwe akulula ukuthi usheshe uyithole, futhi ihamba nobungozi bokuthi ingase ikulahlekele. Lobungozi busuka ekutheni imali uyitshala kuphi. Ungayitshala ngokuthi uthenge ingxenye yenkampani (shares) noma uvule i-account yebhange la ikhula khona, kanye nezinye izindlela. Isibonelo sobungozi ukuthi uma uthenga ingxenye yenkampani bese leyonkampani ibhizinisi lingayihambeli kahle, yehlelwe abathengi, kwehle inzuzo, ibe negama elibi. Lokho kwenza ukuthi ukubiza kwama-shares ayo kwehle bese kwehla neyakho imali inciphe. Kodwa uma ibhizinisi lihamba kahle, ukubiza kwama-shares kuyakhula nemali yakho ikhule.
Kokubili ukonga nokutshala kubalulekile futhi kunezindawo okuzidlalayo. Okubalulekile ukuthi ucabange isizathu sokubeka imali nokuthi uzoyidinga emva kwesikhathi esingakanani ukuze uzokwazi ukuthi uyayonga noma uyayitshala.