Articles on political party manifestos coming soon in IsiZulu and English. Yazi ngaphambi kokuba uvote!
Pheliswa Msele
Uyakhumbula eminyakeni edlule wawukwazi ukuthenga ushungamu omuthathu ngerandi elilodwa? Ushungamu wawubiza amasenti angama-30 (30c).
Kulonyaka, ngerandi elilodwa sewuthola ushungamu owodwa ngoba sewubiza amasenti angama-60 (60c).
Lokho kuchaza ukuthi amandla alelirandi anciphile ngokuhamba kweminyaka. Ngoba ushungamu...nezinye izinto ongazithenga ngalo sezinciphile.
Ngamanye amagama, ukwehla kwamandla emali kuchaza ukuthi sesikhipha imali eningi ukuthenga izinto ebesizithenga ngemali encane. Amanani ezinto ayanyuka.
Amandla emali ehla ngenxa yalezi zizathu:
● Uma abantu bethenga kakhulu, lokho kwenza ukuthi izinto ezithengwayo zingabaneli abantu, ngakho amanani ezinto anyuka ngokushesha. Uma abantu bethenga kancane, amanani anyuka kancane nawo.
● Uma ukukhanda izinto kubiza, namanani nawo azonyuka ngokushesha. Isibonelo ukuthi uma kunesomiso, ukukhanda ukudla okudinga amanzi kuba yizindleko kubize, ngakho amanani alokho kudla azonyuka ngokushesha.
● Uma abasebenzi befuna imiholo inyuke ukuze bazokwazi ukuphila kancono, nezinkampani nazo zinyusa amanani ezinto azithengisayo.
Ukwehla kwamandla emali kwenza izimpilo zabantu zibe nzima ngoba izinto esizidingayo njengokudla, imizi nokunye kugcina kubiza kakhulu.
Indlela yokuvimba umthelelo wokwehla kwamandla emali wukuthi inyanga nenyanga kube khona ingxenye yemali yakho oyitshalayo. Lokhu kusiza ekutheni uma amanani ezinto ekhula, nawe imali yakho iyakhula ngakho ukukhulu kwamanani angeke kulilimaze kakhulu iphokethe lakho. Funda kabanzi ngokutshala imali kwi-athikhili yesibili.