Read the articles on political party manifestos under Business & Finance. Available in IsiZulu and English. Yazi ngaphambi kokuba uvote!
Ibhalwe nguLuyanda Seluleko Mhlongo
Ihumushwe nguPheliswa Msele
Ishicilelwe mhla-2 KuMfumfu 2026
Lingubani Leliqembu?
I-Economic Freedom Fighters (EFF) iqembu lezepolitiki elasungulwa ngo-2013. Leli qembu lizichaza njengeqembu eliphikisana nokuthi amabhizinisi nabantu abambalwa kube yibona abaphethe ezomnotho, kunalokho likhetha ukuthi umphakathi wonke kanye nohulumeni baphathe ezomnotho (anti-capitalist). Liphinde lizichaze ngeqembu eliphikisana nokuthi amazwe anamandla aphathe ezomnotho zamanye amazwe, kunalokho izwe nezwe alizinakele ezomnotho zalo (anti-imperialist). Lizichaza njengeqembu elifuna ushintsho olukhulu olusiza umphakathi kunoshintsho oluncane. Emibhalweni yalo yokhetho lukahulumeni wasemakhaya luka-2026, i-EFF iveza uhlelo lwayo olugxile ekuthuthukiseni izinsiza eziyisisekelo, ukudala amathuba omnotho nokuqinisa omasipala basemakhaya.
I-EFF ithembisa ini ngohulumeni basemakhaya?
Uhlelo lwe-EFF lukahulumeni wasemakhaya luka-2026 lugxile ezindabeni ezithinta ngqo izimpilo abantu, okuhlanganisa amanzi, ugesi, izindlu zangasese, ukuqoqa udoti, imisebenzi, amabhizinisi endawo, izindlu, izingqalasizinda zamasipala, nokweseka imindeni ehlwempu. Iqembu lithi omasipala kumele kube yizindawo lapho izinsiza zinikezwa khona futhi lapho ezomnotho zasemakhaya nemisebenzi yakhiwa khona.
Amanzi kanye Nezokuhlanzeka
I-EFF ithembise ukuthi izohlinzeka ngezinsizakalo zamanzi ezithembekile futhi ilungise izindawo ezivuzelwa ngamanzi phakathi kwamahora angama-24. Iphinde yazibophezela ekubhekaneni nezimo zokungahlanzeki, la ibala khona izindlu zangasese zamabhakede nezindlu zangasese ezingaphephile. Le nhlangano ixhumanisa lezi zithembiso nohlelo lwayo olubanzi lokuthuthukisa nokugcina izakhiwo zikamasipala.
Lokhu kungasho ukuthini kubahlali:
Kubahlali abahlangabezana nokuvuza kwamanzi, ukuntuleka kwamanzi noma ukungahlanzeki, lesi sithembiso sisho ukuthi umasipala ophathwa yi-EFF uzozama ukuphendula ngokushesha ezinkingeni futhi unake kakhulu ukugcina izakhiwo zamanzi nezokuhlanzeka. Lesithembiso siyindlela iqembu elifuna ukuthatha umnyangazo ngayo; akusho ukuthi zonke izinkinga zamanzi sezizovele zilunge nje.
Ugesi Nezinsiza Eziyisisekelo
I-EFF ithi imizi ehlwempu efanelekayo kufanele ithole izinsiza eziyisisekelo zamahhala, okubalwa amanzi, ugesi, izindlu zangasese, kanye nokususa imfucuza. Iqembu liphinde lakhuluma ngokwenza ugesi ungabizi kakhulu futhi uthembeke.
Lokhu kusho ukuthini kubahlali:
Imizi ehlwempu efika kwimigomo nemibandela ebekiwe ingathola ezinye zezinsiza eziyisisekelo ngaphandle kokukhokha inani. Umphumela wangempela uzoncika ekutheni inqubomgomo iphathwa kanjani, imigomo edingekayo kanye nezinsiza ezitholakalayo kumasipala.
Imisebenzi Nentsha
Ukwakha imisebenzi kuyingxenye ebalulekile yohlelo lukahulumeni wasemakhaya lwe-EFF. Iqembu liphakamisa ukuthi izikhulu zomasipala ziqashe abasebenzi basemphakathini ngqo ukuba benze imisebenzi ebalulekile yamasipala esikhundleni sokuthembela kakhulu kubaxhasi nosonkontilaki bangaphandle. Liphinde liphakamise ukuthi okungenani u-40% wamathuba emisebenzi kahulumeni utholwe abantu abaneminyaka ephakathi kuka-18 no-35. Ngaphezu kwalokho, iqembu liphakamisa ukunika u-50% wamathuba okuthengwa kwezinto zamasipala nezinkontilaki kumabhizinisi aphethwe yintsha.
I-EFF ifuna ukusebenzisa umasipala ukuthuthukisa ezomnotho zasemakhaya, okubalwa kuzo amabhzinisi asemakhaya nokukhiqiza izinto kwasemakhaya.
Lokhu kungasho ukuthini kubahlali:
Uma kwenziwa, imisebenzi eminingi kamasipala ingenziwa ngabantu basemiphakathini abaqashwe ngqo ngumasipala. Abantu abasha bangaba namathuba amaningi okufaka izicelo zemisebenzi kumasipala noma amabhizinisi abo ahlinzeke ngempahla nezinsiza kumasipala. Ukweseka amabhizinisi kungadala amathuba kumabhizinisi asebenza emiphakathini ukuthi abambe iqhaza kwezomnotho zamasipala.
Umhlaba Nokuthuthukiswa Komnotho Wasemakhaya
I-EFF igxile kakhulu kumhlaba kamasipala nokuthuthukiswa komnotho wasemakhaya. Uhlelo lwayo lwango-2026 luphakamisa ukuvimba ukuthengiswa komhlaba kamasipala, kunalokho lo mhlaba wenziwe umhlaba nezakhiwo ezingasetshenziswa kwimisebenzi efana nokulima, ukusetshenziswa wumphakathi, nokuthuthukisa umnotho. Iqembu liphinde liphakamise amaphrojekthi okusimama kwezolimo emakhaya kanye namathuba emisebenzi yentsha axhumene nale misebenzi.
Lokhu kungasho ukuthini kubahlali:
Lesithembiso sihloselwe ukwenza umhlaba kamasipala nezakhiwo ukuthi zisetshenziswe ngendlela engathuthukisa umnotho wendawo noma izimpilo zomhakathi esikhundleni sokushiywa zingasetshenziswa. Kuzoya ngokuthi zisetshenzisa kanjani, kodwa lesithembiso singadala izindawo zokulima, imisebenzi yomphakathi namathuba kwezomnotho.
Ukulingana Ngokwezobulili Nokuphepha
I-EFF iphakamisa ukuthi okungenani u-50% noma uhhafu wobuholi bamasipala, izinkontilaki, imisebezi kube ngabantu besifazane. Uhlelo lwayo lukahulumeni wendawo luka-2026 luhlanganisa nezinyathelo eziphathelene nokuphepha nokweseka nokusiza abantu abake bahlukunyezwa ngokobulili. Ezinye zalezi zinyathelo zifaka izinhlelo ezilwa nobuholi bobulili besilisa kuphela, ukuhlukunyezwa ngokobulili, kanye nokubamba iqhaza kwabantu besilisa ekulweni nokubulalwa kwabantu abesifazane.
Kungasho ukuthini lokhu:
Lesithembiso sisho ukuthi abesifazane bazodlala indima elinganayo neyabesilisa kwizinqumo ezithinta umphakathi nezimpilo zabantu. Izinsizakalo zokweseka abantu abathintekile wukuhlukunyezwa ngokobulili zinganikeza usizo kubantu abake bahlukumezeka.
Kepha, abahlali kumele bazi ukuthi umasipala awulawuli konke okuthinta ubungebengu nokuhlukumeza ngokobulili. Amaphoyisa, abaseshi banendawo enkulu okumele bayidlale ukuvikela amalunga omphakathi.
I-EFF ithi izofinyelela kanjani futhi izixhase kanjani lezi zithembiso?
I-EFF ithi omasipala badinga amandla aqinile ngaphakathi. Omunye wemibono yayo ukuqasha mathuphaabasebenzi abenza imisebenzi yamasipala esikhundleni sokuwunikeza amabhizinisi noma osonkontileka bangaphandle umsebenzi obalulekile. Leliqembu liphinde laphakamisa izinguquko endleleni omasipala abaxhaswa ngayo.
Kwisiphakamiso sango-2025 soMthetho Wokwahlulwa Kwezimali, i-EFF iphakamise ukwandisa inani lemali elinikwa uhulumeni wasemakhaya wuhulumeni wezwe. Iphakamise ukuthi omasipala, ikakhulukazi omasipala abahlwempu, badinga ukwesekwa kwezezimali okukhulu ukuze benze umsebenzi wabo.
I-EFF iphinde iphakamise ukuthengwa kwempahla yamasipala kumabhizinisi asemakhaya ukuze kusekwe lamabhizinisi. Uhlelo lwayo luka-2026 luphakamisa ukuthi ingxenye enkulu yokuthenga kukamasipala isetshenziswe kumabhizinisi asemakhaya.
UMnyango Wezezimali kazwelonke uqinisekisa ukuthi omasipala bathola imali kwimithombo emibili: imali ezikhulisela yona kanye nemali abayinikwa uhulumeni wezwe. Ingxenye ephuma kuhulumeni wenze ihloselwe ukuthi omasipala bakwazi ukwenza imisebenzi wabo emiphakathini.
Ngakho-ke, indlela ye-EFF yokuxhasa izithembiso zayo ifaka phakathi ukufuna ingxenye enkulu kwimali ephuma kuhulumeni wezwe, ukusebenzisa izinsiza zamadolobha ngendlela ehlukile nokwandisa indima yomphakathi namabhizinisi asemphakathini emnothweni wasemakhaya.
Ingabe lezi zithembiso ziyingxenye yemisebenzi kahulumeni wasemakhaya?
Ezinye zezithembiso ze-EFF ziphathelene nemisebenzi eqondene nohulumeni wasemakhaya, kanti ezinye ziphathelene nemisebenzi ehlanganyelwe noma ephathwa kakhulu ezinye izigaba zikahulumeni.
UMthethosisekelo ubala ugesi nokusatshalaliswa kwagesi, amanzi, ukuhlanzeka njengemisebenzi kahulumeni wasemakhaya. Uphinde ubale nemisebenzi ebala ezokuthutha zomphakathi nokuhlelwa kwamasipala.
Lokhu kusho ukuthi izithembiso ezithinta ukuthuthukisa nukusatshalaliswa kukagesi emakhaya, amanzi nezinsiza zokuhlanzeka ziyingxenye yemisebenzi yamasipala.
Ezinye izindaba zidinga ukubambisana phakathi kwezigaba ezahlukene zikahulumeni. Ngokwesibonelo, ukungasebenzi kwabantu akuyona umthwalo wamasipala kuphela. Omasipala bangaseka ukuthuthukiswa komnotho wasemakhaya futhi badale amathuba ngemisebenzi yabo, kodwa uhulumeni kazwelonke nowesifundazwe nawo unezibopho ezibalulekile eziphathelene nokuqashwa kanye nenqubomgomo yezomnotho.
Izindlu nazo zihilela izigaba eziningi zikahulumeni. Ngokufanayo, udlame nokuhlukumeza olusekelwe akuwona umsebenzi wahulumeni wasemakhaya kuphela ngoba ukupholisa umphakathi kanye nohlelo lwezobulungisa akuyona imisebenzi yamasipala.
UMthethosisekelo uchaza uhulumeni wendawo njengohulumeni oxhunywe futhi ohlangene nohulumeni kazwelonke nowesifundazwe. Ngakho-ke, omasipala basebenza ngaphakathi kohlelo olubanzi lukahulumeni kunokuba basebenze bodwa ngokuphelele.
Ngamafuphi
Uhlelo lwe-EFF lohulumeni wasemakhaya luka-2026 lugxile ezinsizeni eziyisisekelo, izingqalasizinda zamasipala, imisebenzi, amathuba entsha, ukuthuthukiswa komnotho wasemakhaya, amandla kamasipala nokusekela izindlu ezinganelisekile. Izithembiso zayo zifaka phakathi izinsiza zamahhala kwimindeni ehlwempu, ukulungisa ngokushesha izakhiwo zamanzi ezivuzayo, ukuthuthukiswa kwenhlanzeko kanye nokuqoqwa kukadoti, ukuqashwa okuqondile komasipala, ukuqashwa kwentsha kanye nezinhlelo zokuthenga, nokusetshenziswa okukhulu komhlaba kamasipala emisebenzini yezomnotho nemiphakathi.
Ezinye zalezi zithembiso ziwumsebenzi ngqo kamasipala, ikakhulukazi lezi eziphathelene namanzi, inhlanzeko, ugesi kanye nezinye izinsiza zikamasipala. Ezinye zalezithembiso kodwa, njengokuqashwa, izindlu nokulwa kudlame lwabesifazane, zihilela imisebenzi ehlanganyelwe phakathi kwezingxenye ezahlukene zikahulumeni.
Ulwazi olungenhla luyasiza ukuhlukanisa phakathi kwalokho i-EFF ethi izokwenza kulokho okumele umasipala akwenze ngokomthetho, ukuze izakhamuzi ziqonde ukuthi lokhu i-EFF ekuthembisayo kungafezeka yini noma kuyize leze.