Read the articles on political party manifestos under Business & Finance. Available in IsiZulu and English. Yazi ngaphambi kokuba uvote!
Ibhalwe nguLuyanda Seluleko Mhlongo
Ihumushwe nguPheliswa Msele
Ishicilelwe mhla-2 KuMfumfu 2026
Ubani leqembu?
I-Democratic Alliance (DA) iyiqembu lezombangazwe laseNingizimu Afrika elizichaza njengeqembu lezepolitiki elikhululekile. Izinqubomgomo zalo zigxile ekubuseni okusebenzayo, ukukhula komnotho, ukudalwa kwemisebenzi, ukulethwa kwezinsiza kanye nokuvikelwa kwamalungelo omuntu ngamunye. Ngokuqondene nohulumeni basekhaya, i-DA igcizelela kakhulu emadolobheni asebenzayo, izinsiza eziyisisekelo ezithembekile, ukuphathwa kwezimali kahle nokudala izindlela zokukhula kwamabhizinisi endawo.
I-DA ithembisa ini ngohulumeni basekhaya?
Uhlelo lukahulumeni basekhaya lwe-DA lugxile ezinsizeni eziyisisekelo ezithembekile, uhulumeni owenza umsebenzi ngendlela, ukukhula komnotho, imisebenzi, izinhlelo zokwakha, ugesi, amanzi kanye nemiphakathi ephephile. Leli qembu likhombisa ohulumeni basekhaya njengengxenye enkulu ebuholini bokunikeza izinsiza nokudala indawo lapho izakhamuzi namabhizinisi angathatha ingxenye emnothweni wasemakhaya.
Amanzi nezindlu zangasese
I-DA ibona amanzi athembekile nezindlu zangasese njengemisebenzi ebalulekile kamasipala. Izinhlelo zayo zikahulumeni wasemakhaya zigcizelela ukugcina izakhiwo, ukunciphisa ukulahleka kwamanzi nokuthuthukisa ukuphathwa kwezinhlelo zamanzi zikamasipala. Iqembu futhi lisekela ukutshala imali ezakhiweni nasekuphathweni okungcono kukamasipala ukuze kuthuthukiswe ukunikezwa kwezinsizakalo.
Lokhu kungasho ukuthini kubahlali:
Kubahlali, lezi zithembiso zihloselwe ukuthuthukisa ukuthembeka kwezinsizakalo zamanzi nokunciphisa izinkinga ezidalwa izakhiwo ezonakele noma ezingagcinwanga kahle. Ukuphathwa okungcono kwezinhlelo zamanzi kunganciphisa nokulahleka kwamanzi ngenxa yokuvuza.
Umphumela wangempela uzoncika ezakhiweni zikamasipala, isabelomali nokuqina kwawo ukwenza umsebenzi othenjisiwe.
Amandla Nogesi
I-DA ithembise ukunikezwa kukagesi okuthembekile kanye nokuphepha kwamandla kuhlelo lwayo lwahulumeni wasemakhaya. Leliqembu lifuna ukuthi ukukhiqizwa kukagesi kwenziwe ngamabhizinisi noma ngabantu abazimele futhi umasipala ukwazi ukuthenga ugesi kulabantu noma kulamabhizinisi.
Iphinde iseke ukusetshenziswa kweminye imithombo yamandla ehlukene nokunciphisa ukuncika kumhlinzeki owodwa kuphela kagesi.
Lokhu kungasho ukuthini kubahlali:
Lo mbono uhloselwe ukunikeza omasipala izindlela eziningi zokuthola ugesi ukuze ukuhlinzekwa kukagesi kungeke kube yinkinga enkulu. Kubahlali, lokhu kungasho ukuthi omasipala banezindawo eziningi zokuthola ugesi ngakho izinkinga zikagesi zingancipha. Kodwa-ke, ukukhiqizwa kukagesi kanye nohlelo lukagesi kazwelonke kudinga amanye amazinga kahulumeni. Kunemithetho ekumele omasipala bayilandele uma ngabe bezothola ugesi ngokuzimela.
Imisebenzi Nokuthuthukiswa Komnotho Wasemakhaya
Ukwakhiwa kwemisebenzi kuyingxenye enkulu kuhlelo lwezomnotho lwe-DA. Iqembu lithi omasipala bangasiza ekwakheni imisebenzi ngokudala isimo lapho amabhizinisi angasebenza khona, atshale imali futhi ande.
I-DA iphakamisa ukunciphisa imithetho engadingekile nokwenza kube lula amabhizinisi ukuqala nokusebenza. Iphinde iseke ukutshalwa kwezimali kanye nokwakha izakhiwo zokuthuthukisa umnotho wasemakhaya njengendlela yokukhuthaza ukusebenza komnotho.
Lokhu kungasho ukuthini kubahlali:
Kubahlali, lesi sithembiso siqondene nokwenza kube lula ukuthi amabhizinisi asebenza futhi adale imisebenzi. Omasipala abakwazi ukudala yonke imisebenzi ngokwabo. Indima yabo ikakhulu ukuseka ukuthuthukiswa komnotho wasemakhaya nokudala izimo ezivumela ukusebenza komnotho ukuba kwenzeke.
Izingqalazisinda Nemigwaqo
I-DA igxile ekugcineni izingqalazisinda zikamasipala kunokuvumela ukuthi zonakale. Lokhu kuhlanganisa imigwaqo, izinhlelo zamanzi, amanethiwekhi kagesi nezinye izakhiwo zikamasipala. Iqembu liphinde laqinisekisa ukuthi omasipala badinga izingqalazisinda zesikhathi eside nezabelomali ezibavumelayo ukuthi bagcine izakhiwo ezikhona kunokuphendula kuphela lapho izakhiwo sezihluleka khona.
Lokhu kungasho ukuthini kubahlali:
Kubahlali, ukugcinwa kahle kwezakhiwo kungasho ukuthi kuba nezinkinga ezincane futhi imigwaqo, izinhlelo zamanzi nezinye izakhiwo zikamasipala zigcinwa kahle. Futhi kusho ukuthi izakhiwo zihlala isikhathi eside.
Ukuphepha Nodlame Ngokobulili
I-DA isekela izinyathelo eziqinile zokuphepha komphakathi futhi iphakamise ukukhulisa indima yomasipala ekuvimbeni ubugebengu. Lokhu kuhlanganisa ukuqinisa umthetho womasipala nokuza nezinhlelo zokuphepha komphakathi.
Iqembu liphinde libe nezinhlelo ezibhekana nokuhlukunyezwa ngokobulili, okualwa ukweseka abantu abahlukunyezwayo nokuvimba udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.
Lokhu kungasho ukuthini kubahlali:
Ezingeni lomphakathi, lokhu kungasho ukubonakala okukhulu kwendima yomthetho emadolobheni kanye nezinhlelo zokuphepha komphakathi. Abantu abathintekile wubugebengu nodlame bangathola ukwesekwa okukhulu.
Kodwa-ke, omasipala abaphethe ngokuphelele uhlelo lwezobulungiswa. I-South African Police Service, okuyinsiza kahulumeni kazwelonke, inakekela ukuphenya nokubhekana nomthetho kumacala obugebengu.
I-DA ithi izofinyelela kanjani futhi ixhase kanjani lezi zithembiso?
I-DA igqamisa kakhulu ukuphathwa kwezimali zomasipala, ukuhlela imali ngendlela ephusile, ukuqoqwa kwemali engenayo nokuvimba ukumoshakala kanye nobugebengu. Iqembu lithi omasipala kumele baqoqe imali abayikweletwa abahlali bebe beseka bevikela labahlali abangakwazi ukukhokha ngnxa yokuba hlwempu.
I-DA futhi isekela ukusebenzisa ubambiswano nomkhakha ozimele lapho kufanele khona, ikakhulukazi kwezokwakha nezokuthuthukiswa komnotho. Izinqubomgomo zayo zithi utshalomali lwabazimele lungasiza amadolobha ukufinyelela emithonjeni eyengeziwe nasekuthuthukiseni amakhono. Amadolobha athola uxhaso oluvela emithonjeni yawo yemali engenayo kanye nezabelomali ezidluliswe kuhulumeni kazwelonke. UMnyango Wezezimali uyachaza kuthi omasipala banikwa ingxenye yemali eyabiwe ukuze bakwazi ukwenza umsebenzi.
Indlela ye-DA ihlanganisa ukuthuthukisa ukuqoqwa kwemali kahulumeni wasemakhaya, ukuphatha izindleko, ukuvimba ukumoshwa kwezimali, ukugcina izakhiwo zomphakathi kanye nokubambisana noma ukutshalwa kwezimali lapho kuvunyelwe khona.
Ingabe lezi zithembiso ziyingxenye yemisebenzi kahulumeni wasemakhaya?
Ezinye zezinto ezibalulekile ku-DA zihlobene ngqo nemisebenzi yomasipala. Umthethosisekelo unikeza omasipala imisebenzi efana nezinsiza zamanzi nezokuhlanza, ukuhlinzekwa kkagesi, imigwaqo yomasipala, ukususa udoti, nokulungisa imigwaqo yasemakhaya. Omasipala futhi banemisebenzi ephathelene nokuthuthukiswa komnotho wasemakhaya.
Ezinye zezithembiso zidinga ukubambisana nezinye izigaba zikahulumeni. Inqubomgomo yokuqashwa, ukukhiqizwa kukagesi ngokzimele, izindlu, ukuphepha emphakathini kanye nobulungiswa bobugebengu akuyona imisebenzi edingeka ukuthi yenziwe yodwa omasipala.
Isibonelo, iMithetho yoMthethosisekelo ibeka ukuphepha emphakathini ngaphansi kukahulumeni kazwelonke, kanti izindlu kuyimfanelo ehlanganyelwe kukahulumeni kazwelonke nakwezombuso. Omasipala bangasekela lemisebenzi kodwa abakwazi ukuwenza wonke ngokugcwele.
Ngamafuphi
Uhlelo lukahulumeni wasemakhaya lwe-DA lugxile kwizinsiza eziyisisekelo ezithembekile, ukugcinwa kwemigwaqo nezakhiwo, ukuphathwa kwezimali ngendlela elungile, ukuthuthukiswa komnotho, ukudalwa kwemisebenzi, ugesi, amanzi, kanye nokuphepha komphakathi.
Iqembu likholelwa ukuthi ukuze umasipala wenze kangcono, kumele ukuphathwa kwemali kuqine, izakhiwo zigcinwe zisebenza, kunyuswe ukuqoqwa kwemali, kuphindwe kubambiswane lapho kufanele khona.
Ezinye zalezi zithembiso, njengamanzi, ukuhlanzeka, ukusabalalisa ugesi, kanye nemigwaqo yasemakhaya, ziphakathi kwemisebenzi esemthethweni yamasipala uqobo. Ezinye ezifana nenqubomgomo yomsebenzi jikelele, izindlu kanye namaphoyisa, zidinga ukubambisana nohulumeni wesifundazwe noma wezwe.
Lo mehluko usiza izakhamuzi ziqonde lokho i-DA engakwazi ukukwenza nalokho okudinga amanye amazinga ahulumeni, ukuvimba ukukholelwa kwizethembiso eziyize leze.