Read the articles on political party manifestos under Business & Finance. Available in IsiZulu and English. Yazi ngaphambi kokuba uvote!
Ibhalwe nguLuyanda Seluleko Mhlongo
Ihumushwe nguPheliswa Msele
IIshicilelwe mhla-30 kuMandulo 2026
Lingubani Leliqembu?
I-African National Congress (ANC) iyinhlangano yezepolitiki eyasungulwa ngo-1912. Yaba iqembu elaphatha iNingizimu Afrika emva kwezokhetho zokuqala zombuso wentando yeningi ngo-1994. Kwezokhetho zikahulumeni wasemakhaya zalonyaka, i-ANC ichaze u-2026 njengo “nyaka wokulungisa uhulumeni wasemakhaya nokuguqula ezomnotho”. Uhlelo lukahulumeni wasemakhaya lwayo lugxile ekuthuthukiseni izinsizakalo ezisemqoka, ekuqineni kwemiphakathi, ekudaleni imisebenzi nasekuthuthukiseni ukubheka ukuthi izikhulu ziwenza ngendlela umsebenzi.
Yini i-ANC eyithembisayo ngohulumeni bendawo?
Uhlelo lukahulumeni wasemakhaya lwe-ANC lugxile kakhulu emanzini, ugesi, ukuhlanzeka, imigwaqo, izindawo zokuhlala, ukususa imfucuza, ukuthuthukiswa komnotho wasemakhaya kanye nokuphathwa kukamasipala. Iqembu lithi ukulungisa uhulumeni wasemakhaya kudinga izingqalasizinda (infrastructure) ezingcono, ukuphathwa kukamasipala okuqinile, ukuphathwa kwezimali okungcono, kanye nokubhekelelwa okwengeziwe.
Amanzi Nokuhlanzeka
Amanzi angomunye wemikhakha emkhulu i-ANC egxile kuyo. Kwi-manifesto (izithembiso) yayo yokhetho luka-2024, iqembu lazinikela ekuthuthukiseni izinga lamanzi ahlanzekile nasekuqiniseni ikhono lomasipala ukuthi balethe amanzi emiphakathini abayiholayo. Yaphinda yaphakamisa ukusebenzisana nohulumeni wezesifundazwe nowesizwe ekuthuthukiseni nasekwenzeni isiqiniseko sokuthi imiphakathi inamanzi. I-manifesto yafaka izinhlelo zokuthuthukisa izingqalasizinda zamanzi, ukuqeda amaphrojekthi amakhulu aamanzi kanye nokusebenzisa izinhlelo zokuqashwa komphakathi ukusiza amadolobha ukulungisa ukuvuza kwamanzi.
Uhlelo lukahulumeni wasemakhaya lwe-ANC luka-2026 luyaqhubeka ukuhlonza ukunikezwa kwamanzi kanye nezinsizakalo zamanzi njengemikhakha ebalulekile. Baphinde bacela ukuba amaqembu ezobuchwepheshe aphuthumayo athunyelwe emadolobheni abhekene nezinkinga ezinkulu zokulethwa kwezinsiza zamanzi.
Lokhu kungasho ukuthini kubahlali:
Kubahlali abahlangabezana nokushoda kwamanzi, amapayipi avuzayo noma izinsiza zamanzi ezingathembekile, izethembiso ze-ANC zisho lukhulu kubona ngoba zibala ukunakwa kwamanzi okukhulu nokulungisa nokugcina izakhiwo zamanzi. Lapho umasipala uhluleka khona ukubhekana nenkinga yamanzi, iqembu lithi kuzongenelela amanye amazinga ahulumeni, njengohulumeni wesifundazwe noma wezwe.
Ugesi Namandla
I-ANC ibona ukuhlinzekwa kukagesi nezinkinga ezibhekene nomasipala makuthintwa ugesi njengengxenye ebalulekile yohlelo lwayo lukahulumeni wasemakhaya. Iqembu liphinde lacela amadolobha ukuba akwenze kube mqoka ukuqoqwa kwemali nokuphathwa kwemali ngendlela elungile ukuze likwazi ukuhlangabezana nezibopho zalo kwizinsiza ezifana nogesi.
Lokhu kungasho ukuthini kubahlali:
Izethembiso lezi zihloselwe ukuthuthukisa ukwethenjelwa kwamanethiwekhi kagesi kahulumeni wasemakhaya kanye nekhono lamadolobha ukugcina izakhiwo zawo. Ukuphathwa kwezezimali ngendlela engcono kuhloselwe ukusiza amadolobha akhokhele izinsiza futhi agcine izakhiwo zagesi zisebenza.
Imisebenzi Nokuthuthukiswa Komnotho Wasemakhaya
Ukudala imisebenzi kuyenye yezingxenye ezibalulekile kuhlelo lwe-ANC lwango-2026. Iqembu lithe uhulumeni wendawo unendima ebalulekile ekuthuthukiseni umnotho nasekudaleni imisebenzi. Ligqugquzela amadolobha ukuba eze namacebo okuthuthukiswa komnotho wasemakhaya futhi asebenzisane namabhizinisi ukuze azoheha utshalomali (investment).
I-ANC iphinde yagqugquzela omasipala ukuba baseke amabhizinisi amancane endawo, okubalwa amabhizinisi asemadolobheni namabhizinisi asemakhaya. Uhlelo lwayo lwe-2026 luphakamisa ukubuyekeza imithetho yamasipala ukuze kube lula ukuthi amabhizinisi amancane namabhizinisi angakahleleki asebenze. Ifuna nokunciphisa izithiyo ezingenasidingo.
Lokhu kungasho ukuthini kubahlali:
Uma lezithembiso zenziwa, zingenza kube lula kulaba bamabhizinisi amancane ukusebenza emiphakathini yabo futhi bathole namathuba okusebenzisana nomasipala. Omasipala bangaba nezinhlelo zokuthuthukisa amabhizinisi asemakhaya futhi bahehe notshalomali. Kodwa-ke, omasipala abakwazi ukudala wonke amathuba emisebenzi. Ukudala imisebenzi kulele kakhulu kuhulumeni wesifundazwe nohulumeni wezwe.
Imigwaqo, Ukuhlanzeka Nokuqoqa Udoti
I-ANC ikhomba ukugcinwa kwemigwaqo, ukuhlanzeka nokuqoqa udoti njengengxenye ebalulekile yohlelo lwayo lokuthuthukisa uhulumeni wasemakhaya. Uhlelo lwayo luka-2026 luchaza lezi zinsizakalo njengemikhakha edinga ukunakwa ngokushesha njengoba kuthinta izimpilo zansuku zonke zabahlali.
Iqembu liphinde lakhomba ukukhathazeka okukhulu mayelana nokulungiswa nokunakwa kwezakhiwo zokwakha. Uhlelo lwe-ANC lwahulumeni wasemakhaya lufuna izakhiwo zamanzi, izakhiwo zagesi, kanye nomgwaqo kwakhiwe kabusha futhi kuvikelwe.
Lokhu kungasho ukuthini kubahlali:
Kubahlali, lokhu kungasho ukuthi imigwaqo yasemakhaya isizonakwa kakhulu, udoti usuzoqoqwa ulandwe bese kuhlala kuhlanzekile. Ukuphumelela kwalesithembiso kulele kwimali uhulumeni anayo, isimo sezakhiwo, kanye nekhono elikhona lokwenza lo msebenzi.
Izindawo Zokuhlala Zabantu
Izindawo zokuhlala zabantu zibalwa kwizinto i-ANC ezibona njengezibalulekile ukuthi zilungiswe kuhulumeni wasemakhaya. I-manifesto yalo ka-2024 yabala izethembiso zezindlu ezihlelekile ezilungele abantu kanye nezinsiza ezibalulekile.
Lokhu kungasho ukuthini kubahlali:
Lesithembiso sidinga ukubambisana phakathi kukamasipala kanye namanye amazinga ahulumeni. Uma sifezeka, sisho ukuthi inani lemindeni eyakhelwa izindlu zoxhaso lizokhula.
Ukuholwa Komasipala Ngendlela Efanele
Uhlelo lwe-ANC luka-2026 lugxile kakhulu ekuthuthukiseni indlela omasipala abaqhutshwa ngayo. Iqembu le-ANC libone izinkinga ezifana nokungazinzi kokuphatha, ubuthakathaka bezikhungo, ukusetshenziswa okungalungile kwezimali zokwakha, kanye nobugebengu njengezinkinga ezidinga ukulungiswa. Luphakamisa ukuqapha okuqinile, ukubophezela okukhulu kanye nobuholi obuqeqeshiwe obungcono bamadolobha.
I-ANC iphinde yathi ongqongqoshe nezikhulu zikamasipala ezingawenzi umsebenzi ngendlela efanele futhi ezingena ezinkingeni ngenxa yobugebengu kufanele zibhekane namacala azo.
Lokho kungasho ukuthini kubahlali:
Inhloso yalesithembiso ukuthi omasipala baphathwe kahle futhi bawenze kahle kakhulu imisebenzi emiphakathini abasebenzela yona. Kubahlali, lokhu kungasho ukuqapha okuqinile kokusebenza kwemadolobha kanye nemiphumela ecacile lapho izikhulu zingawenzi umsebenzi wazo ngendlela efanele.
I-ANC ithi izofinyelela kanjani futhi izozixhasa kanjani lezi zethembiso?
Indlela ye-ANC ifaka phakathi ukuthuthukisa ukuphathwa kwezezimali emadolobheni, ukwandisa ukuqoqwa kwemali engenayo, ukuqinisekisa ukuphathwa kahle kwamadolobha nokusebenzisa kahle izabelomali ezikhona zokwakhiwa kwezinto.
Iqembu libize omasipala ukuthi basebenzise izinhlelo zokuqoqwa kwemali ukuze kuthuthukiswe amazinga okuqoqa futhi kuqiniswe ikhono labo lokukhokhela amanzi nogesi ukuze imiphakathi ingabhekani nokushoda. Futhi linxusa imiphakathi ukuthi ikhokhe izikweleti kumasipala ukuze umasipala uzokwazi ukusebenza ngendlela uphinde wenze umsebenzi wawo kangcono.
I-ANC iphinde isekela ukubambisana okukhulu phakathi kukahulumeni kazwelonke, wesifundazwe nowasemakhaya. Uhlelo lwayo luka-2026 lufuna ukuhlela nokubeka izabelomali phakathi kwezigaba zikahulumeni ezihlukene ukuze zihambisane kangcono. Futhi luthi amadolobha adinga ukwesekwa okwengeziwe kumele athole ukunakwa okunamandla.
UMnyango Wezezimali kazwelonke uchaza ukuthi omasipala bathola uxhaso ngemali abazenzele bona kanye nakwimali ephuma kuhulumeni kazwelonke. Umasipala uthola ingxenye yemali kuhulumeni wezwe. Lemali idalelwe ukuthi umasipala wenze izinsizakalo emiphakathini isize nemindeni ehlwempu. Ngakho-ke, izinsizakalo zikamasipala azikhokhelwa kuphela ngemali eqoqwe kubahlali.
Ngakho-ke i-ANC ihlele ukwenza isiqiniseko ukuthi omasipala bayiqoqa ngendlela imali kubahlali, bayiphatha kangcono, futhi umasipala ubambisana namanye amazinga ahulumeni lapho kudingeka khona olunye usizo.
Ingabe lezi zithembiso ziyingxenye yemisebenzi kahulumeni wasemakhaya?
Ezinye zezithembiso ze-ANC zihambisana ngqo nemisebenzi kahulumeni wasemakhaya, kepha ezinye zidinga ukubambisana nohulumeni kazwelonke noma wesifundazwe.
Umthethosisekelo ubala amanzi nezinsiza zokuhlanza, ezikagesi, imigwaqo yasemakhaya, ukuqoqwa kwadoti, kanye nokunye njengemisebenzi ehambisana nohulumeni wasemakhaya. Omasipala baphinde babe nemisebenzi ephathelene nentuthuko yezomnotho yezindawo abahola kuzo.
Kepha, omasipala abalawuli zonke izindaba ezithinta izakhamuzi. Izindlu, imisebenzi, ukuphepha kwemiphakathi kanye nezinye izingxenye zomnotho zithinta ezinye izigaba zikahulumeni. Izindlu ziyisabelo esabelwe uhulumeni kazwelonke nowesifundazwe, kuyilapho ukuphepha komphakathi kuwumsebenzi oyinhloko kahulumeni kazwelonke. Omasipala bangaba nezindima zokweseka kulezi zindawo, kodwa abakwazi ukwenza konke bodwa.
Umthethosisekelo futhi udinga ukuthi uhulumeni wasemakhaya uhlinzeke ngezinsiza ngendlela efanele ezinzile, ukhuthaze ukuthuthuka komphakathi nokuthuthuka kwezomnotho zasemadolobheni, ukhuthaze ukuphepha kwezindawo, futhi ugqugquzele imiphakathi ukuba ibambe iqhaza emisebenzini kahulumeni wasemakhaya.
Ngamafuphi
Uhlelo lukahulumeni wasemakhaya lwe-ANC lwango-2026 lugxile ekulungiseni izinsiza zamadolobha, ukuthuthukisa izakhiwo, ukuqinisa ukuphathwa kwamadolobha, ukudala amathuba omnotho wasemakhaya nokwandisa ukubheka ukuthi izikhulu ziwenza ngendlela umsebenzi. Izindawo ezibalulekile ezikhonjwe iqembu zifaka amanzi, ugesi, ukuhlanzeka, imigwaqo, ukuqoqa imfucuza, izindawo zokuhlala, kanye nokuthuthukisa umnotho wasemakhaya.
Iqembu lithi lizofeza lezi zithembiso ngokuphathwa okungcono komasipala, ukuqoqwa kwentela okuthuthukisiwe, ukuphathwa kwezezimali okungcono, ukutshala izimali ezakhiweni, ukuseka amabhizinisi asemphakathini, kanye nokubambisana okukhulu phakathi kwamazinga ahulumeni ahlukene.
Ukuqonda umehluko phakathi kwemisebenzi eyenziwa uhulumeni wasemakhaya ngokomthetho nemisebenzi eyenziwa amanye amazinga ahulumeni kusiza izakhamuzi ukubona ukuthi lezithembiso ze-ANC zingafezeka yini noma ziyize leze.